Mtanami Kubi - La Ngaphandle
Mlondi Nhlangulela
Verlag: Publishdrive
Beschreibung
-UMdlalose untshontsha imali enkulu emahhovisi emsebenzini, kanti akazi ukuthi untshontsha nje, kunamehlo ambonayo. Lokhu kwenza ukuba asebenze kanzima ukuze angacetshwa kubaphathi ngalemali. Kuhamba ugcina esekhathele wukuba yisigqila. Lokhu kwenza athathe isinqumo esinzima kakhulu. -UThokozile usenkantolo uzovulela uyise womtanakhe icala lokungondli. Ngenhlanhla uyaliwina icala. Nokho izinto ezenzeka emva kwalokho zimenza azisole ukuthi wayeyaphi enkantolo. -UNomvelo, intokazi enhle, esencane futhi esafunda nesikole, izithola isobishini ngokukhuleliswa wubaba omdala, oshadile futhi onebhizinisi lamatekisi. Lento yalesisisu ithinta inqwaba yabantu, nokwenza abanye bagcine sebelahlekelwe nayimiphefumulo. Kuningi kakhulu okuzokushiya ubambe ongezansi ngaleliqoqo lezindaba ezimfishane ezibhalwe nguMlondi Nhlangulela. Kukhona okukhulu ukuvuthwa nokuhleleka kolimi kulencwadi, nokwenza kungavumi uyibeke phansi uma usuyiqalile. Lapha uMlondi ubheka ubunjalo bempilo, okufaka phakathi ukungqubuzana kwemibono, yingxabano, uthando, amagqubu, ubumpofu, uqhekeko nokunye okuningi. Izindaba ezikulencwadi zizokufundisa okuningi ngoba zixhumana nempilo yakho nanoma ngayiphi indlela. Hlala phansi ufunde lapha, kuningi okuzokuthokozisa. Mlondi Nhlangulela.
